Ligwetshwe kanzima iphoyisa elabulala intombi

2017-02-25 10:59

Johannesburg – Iphoyisa elineminyaka engu-29 ubudala ligwetshwe iminyaka engu-18 libhadla ejele ngokubulala intombi yalo, kusho i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid).

UConstable MN Njeya, obesebenzela eNorwood walahlwa yicala lokubulala ngoNovemba wonyaka owedlule wabe esegwetshwa ngoLwesine eNkantolo eNkulu yasePalmridge.

Inkantolo iphinde yakhipha isinqumo sokuthi uNjeya akakufanele ukuphatha isibhamu, kubika i-African News Agency.

Okhulumela i-Ipid, uMoses Dlamini, uthe uNjeya wayengekho emsebenzini ngesikhathi enza leli cala.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe iphoyisa ngelokubulala eKZN

“Wayehlezi nabantu ayehlala nabo eflethini kuphuzwa utshwala ngoNovemba wonyaka odlule, wabe eseya egumbini lakhe lokulala, ngokuhamba kwesikhathi labo ayephuza nabo bezwa intombi yakhe, uKelebogile Kwababa, ikhala icela usizo.

“Babe sebehamba beyobheka ukuthi isililo ngesani, bangqongqoza emnyango kepha bangavulelwa. Bezwa sekuqhuma isibhamu,” kusho uDlamini.

Uthi uNjeya wabe esephuma egumbini lokulala ngemuva kwesikhathi eside, wayalela laba ahlala nabo ukuthi bangayingeni le ndaba.

Abosizo lokuqala nabamphoyisa bafika baqinisekisa ukuthi umufi ushonele endaweni yesigameko.

I-Ipid yabe isiphenya leli cala, neligcine ngokomgojela umsolwa.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...