Ligwetshwe 25 weminyaka iphoyisa ngokubulala intombi

2017-10-11 19:29

eThekwini - Lizohlala ejele iminyaka ewu-18 iphoyisa laseGreytown elilahlwe yicala lokubulala uZandile Mahlaba,21, eMpophomeni ngo-2015. 

Ugwetshwe iminyaka ewu-15 ngokubulala, ewu-10 ngokuzama ukubulala uPrince Mosia, isoka likamufi. Kube sekwephulwa ewu-7.

NgoSepthemba uBoysie Dladla owabe eyiphoyisa landela uMahlaba owayekade esemalile. UMahlaba wayevakashele isoka lakhe uMosia.

OLUNYE UDABA:BUKA: Iphoyisa lihuqa ubuthongo emsebenzini

Lithula isigwebo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu uJaji Anton van Zyl uthe lesi sigwebo kufanale sibe yisifundo kulaba abasahlose ukuba bazibandakanye namacala anjengaleli.

Uthe icala lokubulala uMahlaba kade kuyicala elibucayi. “Kufanele ukuqonde ukuthi akekho umuntu womunye umuntu emhlabeni. Umuntu wesifazane unelungelo lokuba akwale uma ngabe engasakufuni.

"Izinkantolo okufanele zime ohlangothini lwabantu besifazane abagcina bezithola beyizisulu zalolu hlobo lobugebengu,” kusho uVan Zyl.

Uthe into ephinde ilethe ubuhlungu ukuthi umufi wayesemncane, kusele izinsuku ezimbili agubhe usuku lwakhe lokuzalwa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...