Ligwetshiwe iphoyisa elagwazisa umshayeli ngo-R150

2016-07-20 14:31

Port Elizabeth – Iphoyisa ebelisebenza esiteshini saseMount Road ligwetshwe iminyaka eyisikhombisa ngokwamukela intshontsho lika-R150 liphelezelwa unemenaydi.

USergeant Mziwandile Mventshana, 43, nozakwabo uConstable Khayalethu Hlamvana, 37, balahlwe amacala amabili okukhwabanisa ngoLwesibili, kubika iNetwerk24.

Iminyaka emithathu kweyisikhombisa enikezwe uMventshana, ilengiselwe iminyaka emihlanu.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe amaphoyisa amane ngokugwazisa

UHlamvana uzogwetshwa ngomhlaka-30 Septhemba.

Kuthiwa uMventshana wamisa umshayeli wemoto owayedle amanzi amponjwana ngo-2014, wathi akagwaze khona engeke ambophe.

Kuthiwa laba baxoxisana nomshayeli, kwavunyelwana ngokuthi uzogwaza ngo-R200, kepha wagcina egwaze ngo-R150 – okwakuyiwona mali ayenawo kuyena ngaleso sikhathi.

Wathi eqeda ukuwanika la maphoyisa le mali, wayovula icala emaphoyiseni.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-20°C Morning clouds. Cool. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-25°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-23°C Scattered clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...