Lifihlwa namuhla iSulumane elihlaselwe esontweni eVerulam

2018-05-11 15:32

Durban - Indoda ebulawe esehlakalweni esenzeke esontweni lamaSulumane iShia mosque eVerulam ngoLwesine kulindeleke ukuba ingcwatshwe namuhla.

Namuhla ubungekho umthendazo kuleli sonto kanti elinye ilungu lebandla litshele iNews24 ukuthi imithandazo ikomunye umuzi oseduze.

Kugasele iqembu lamadoda ebelihlome ngemimese esontweni ngoLwesine ntambama, lanquma abantu abathathu imiqala.

OLUNYE UDABA:Abantu abathathu banqunywe umqala esontweni lamaMusilemu eVerulam

Amaphoyisa ophiko loKlebe asendaweni yesigameko kanti isonto lona livaliwe.

Okhulumela oKlebe KwaZulu-Natal uCaptain Simphiwe Mhlongo uthe u-Abbas Essop, 20, ushonele endleleni eya esibhedlela, kanti u-Ali Enchinaye noMohammed SAli balimale kanzima.

Uthe baphenya icala elilodwa lokubulala, amabili okuzama ukubulala nelokushisa.

Akukaboshwa muntu.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...