Lidutshulwe labulawa iphoyisa elibhekene nawokuphanga eThekwini

2017-10-19 07:05

eThekwini - Iphoyisa laseSydenham elisolwa ngokugqekeza lidutshulwe labulawa ngelinye iphoyisa, eThekwini.

Ngokombiko ovezwe ngamanye amaphoyisa, leli phoyisa lalisanda kuboshwa liwumsolwa kwesinye isigameko sokugqekeza ibhizinisi eGreenwood Park ngaseDurban North.

Ngesikhathi isikhulu samaphoyisa siya emzini waleli phoyisa siyolanda isibhamu somsebenzi ngoLwesithathu emini, kuthiwa leli phoyisa lizame ukudubula lomphathi.

Alizange liphumelele kule mizamo yalo ngoba lo mphathi ugadle kuqala walidubula amahlanhla amane.

OLUNYE UDABA:Kubulawe iphoyisa lase-KZN ngomkhonto

Abephephandaba iMercury bazamile ukuxhumana nosomlomo wamaphoyisa kodwa akazange atholakale ukuthi aphawule.

UMoses Dlamini oluphenya amacala abandakanya amaphoyisa akakwazanga ukuqinisekisa lesi sigameko ngoba bebengakawutholi umbiko ngalolu daba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...