Lidutshulwe ebusweni iphoyisa likaMasipala waseGoli

2017-01-23 16:00

Johannesburg - Lidutshulwe ebusweni iphoyisa likaMasipala waseGoli ngesikhathi kudutshulwana nezigebengu kuMain Reef Road eRoodepoort, kusho umnyango ngoMsombuluko.

Leli phoyisa elineminyaka engu-50 ubudala nozakwabo bebezama ukumisa iveni yohlobo lweMitsubishi emhlophe ebelithwele impahla okusolwa ukuthi yebiwe, kusho okhulumela amaphoyisa kaMasipala waseGoli, uChief Superintendent Wyne Minnaar.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe iphoyisa kuqhunyiswa i-ATM

"Ngesikhathi leli phoyisa liphuma emotweni yamaphoyisa liyomisa leli veni, umsolwa uvele wadubula emoyeni, iphoyisa lase lidubuleka ebusweni," kusho uMinnaar.

Uphathina waleli phoyisa, naye uvulele ngenganono ebhekise kubasolwa kodwa bakwazi ukubaleka endaweni yesigameko.

Leli phoyisa lisesimeni esibucayi esibhedlela iTshepo Themba.

UMinnaar akakwazanga ukuqinisekisa ukuthi bebebangakhi abebehamba ngeMitsubishi.

Akukaboshwa muntu ngalesi sigameko.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C High level clouds. Mild. Pta: 5-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-18°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 11-17°C Showers early. More sun than clouds. Cool. PE: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...