Lidluliselwe enkantolo enkulu elabasolwa ngokubulala umfana 'oweba imbali'

2017-10-06 18:00

Johannesburg - Amadoda amabili asepulazini eliseNorth West, uPieter Doorewaard, 26, noPhillip Schutte, 34, asolwa ngokubulala umfana wesikole eColigny ngemuva kokumubamba eba imbali ujikanelanga, ngoLwesihlanu avele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseColigny, lapho udaba lwawo lidluliselwe eNkantolo eNkulu ukuze luzoqala ukuqulwa.

UMbuso usola ukuthi la madoda abulala uMatlhomola Jonas Mosweu, 16, ngomhlaka-20 Ephreli emijondolo yaseScotland, eColigny, ngemuva kokumsola ngokweba imbali emasimini omqashi wabo.

Abasolwa bathi bafaka uMosweu ngemuva evenini bezimisele ngokuyonikela ngaye emaphoyiseni wabe esephuma iveni lihamba walimala emqaleni. Washonela endleleni ebheke esibhedlela.

OLUNYE UDABA:Lihlehlisiwe icala labasolwa ngokubulala umfana,16

Yize kunjalo, abazibonela kwenzeka isigameko batshela amaphoyisa ukuthi uMosweu wakhishwa evenini lihamba.

NgoLwesihlanu, iMantshi uMattheus van Loggerenberg, ithe uphenyo seluphothuliwe. Yabe isilihlehlisela umhlaka-15 Novemba ukuze liyoqulwa eNkantolo eNkulu yaseNorth West, eMmabatho.

UDoorewaard noSchutte babesolwa ngokubulala kuphela kodwa kwabe sekwengezwa amanye amacala; elokusabisa, ukuthumba, ukutholakala nesibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, ukweba nokukhomba ngesibhamu.

UMbuso uthi laba bobabili, abangaphandle ngebheyili ka-R5 000 umuntu ngamunye, basabisa, bathumba, baphinde beba neselula kafakazi ophambili ecaleni.

Ngaphandle kwenkantolo bekunamalungu e-Economic Freedom Fighters abebhikisha.

Ukudlula emhlabeni kukaMosweu kwaqubula umbhikisho onodlame, owashiya umphakathi uhlukene phakathi ngokobuhlanga.

Kwashiswa imizi engu-6 namaloli amathathu, kwacekelwa phansi izitolo ezimbalwa ezinye amalungu omphakathi azitapela impahla kuzo.

 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-18°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...