Lidedelwe ngebheyili iphoyisa lomgwaqo

2017-11-11 09:23

Johannesburg – Iphoyisa lomgwaqo elineminyaka engu-41 ubudala livele kafuphi eNkantolo yamacala emali ngoLwesihlanu ngezinsolo zenkohlakalo, ukukhwabanisa kanye nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.

UCaptain Lloyd Ramovha uthe oKlebe babophe iphoyisa, uReginald Heinrich Carolus, ngoLwesine ngezinsolo zokubandakanyeka emacaleni amabili enkohlakalo enzeka eLaaiplek Traffic Department ngasekuqaleni konyaka. 

"Kusolwa ukuthi wasiza owayefake isicelo sokuthila i-learner licence ukuba ayithole ngaphandle kokuba ahlolwe.

OLUNYE UDABA: Ushe wangqongqa umfundisi kusha indlu

"Ngaphezu kwalokho, kuthiwa wasiza umshayeli wemoto ukuba athole isitifiketi esigunyaza imoto ukuba ibesemgwaqeni ngaphandle kokuba ihlolwe isimo sayo, futhi naye engenalo ilungelo lokuhlola izimoto,” kusho uRamovha.

UCarolus udedelwe ngebheyili ka-R3 000, icala lahlehliselwa uJanuwari 20, 2018, ukuze kuphothulwe uphenyo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...