Libuyeselwa kwi-NDPP elabasolwa ngokubulala umlingisi

2017-10-26 07:12

Johannesburg - Icala elibhekene namadoda amathathu asolwa ngokubulala umlingisi womdlalo wkaumabonakude iRhythm City uDumi Masilela libuyiselwe kwi-National Director of Public Prosecutions (NDPP), lokhu kulalelwe eNkantolo yeMantshi yaseBenoni ngoMsombuluko.

I-NDPP bekulindeleke ukuba ithathe isinqumo ngokuthi udaba kufanele yini ludluliselwe eNkantolo eNkulu, kusho umshushisi uLumka Phoswa.

OLUNYE UDABA:Bazovela enkantolo abasolwa ngokubulala uMasilela

Lolu daba lubuyela enkantolo ngomhlaka-28 Novemba kanti la madoda wona agcinwe esitokisini.

La madoda abhekene namacala okubalwa kuwo elokubulala nelokuduna kanye namanye amacala.

UMasilela wadlula emhlabeni ngomhlaka-2 Agasti ngemuva kokuthi izigebengu zazama ukumduna imoto yakhe zabe seziyamdubula.

 - SowetanLive

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-26°C Numerous showers. Cloudy. Warm.
Jhb: 17-22°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 23-27°C a few tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C a few showers. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...