Libuyele enkantolo 'elamazimuzimu'

2017-12-14 12:33

Escourt - INkantolo yeMantshi yase-Escourt KwaZulu-Natal, izothatha isinqumo sokuba abasolwa ababili kwabane ababoshelwe ukudla izicubu zomuntu bazodedelwa yini noma cha ngebheyili.

Baboshwa ngemuva kokuba uNino Mbatha okukholakala ukuthi uyisangoma, aya esiteshini samaphoyisa endaweni ngo-Agasti nonyaka wafike wavuma ukuthi udla abantu.

Abasolwa; okunguMbatha, uLungisani Magubane, uSthembiso Sithole noKhayelihle Lamula babhekene namacala okubulala nokwakha uzungu lokubulala.

OLUNYE UDABA:Sekuboshwe omunye umsolwa kwelabasolwa 'ngokudla izicubu zomuntu'

UMbatha ekuqaleni wasichitha isicelo sokufaka ibheyili.

NgoMsombuluko inkantolo ilalele ukuthi uSithole, naye othi uyisangoma, usichithile isicelo sebheyili.

Umseshi uKgatatso Matsena uqinisekise ikheli likaMagubane nelikaLamula lapho abazobebehlala khona uma bengase badedelwe ngebheyili.

Amanye amakheli ababewasho enkantolo wona awaqinisekiswanga.

Ngaphambilini, ngesikhathi bevele enkantolo, amalungu omphakathi ayebhikishela ukuba bangadedelwa ngebheyili.

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-21°C Drizzle. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-30°C More clouds than sun. Warm.
Jhb: 17-25°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-25°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Dbn: 21-30°C Widely scattered tstorms. Broken clouds. Warm. PE: 20-26°C Numerous showers. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...