Libuyela enkantolo elokubulawa kukaSimba Mhere engozini

2017-10-30 07:00

Randburg – Ukuqulwa kwecala likaPreshalin Naidoo, osolwa ngokudala ingozi eyadlula nomethuli wohlelo lwakumabonakude iTop Billing uSimba Mhere ngoJanuwari 2015, kulindeleke ukuba liqhubeke namuhla (ngoMsombuluko) eNkantolo yeMahntshi yaseRandburg.

UNaidoo, 24, ubhekene namacala amabili okubulala ngokungenhloso nelokushayela budedengu.

UMhere, washona ngemuva kokushayisana nemoto kaNaidoo yohlobo lwe-VW Polo GTI kuWilliam Nicol Drive eFourways, eGoli.

OLUNYE UDABA:Wayesaphila uSimba Mhere ngemuva kwengozi - Udokotela

UMhere, 26, wayehamba noyise nomngani wkahe ngesikhathi sengozi. Umngani wakhe uKady Shay O'Brien noMhere abazange basinde.

U-O'Brien washiya indodakazi yakhe eneminyaka emithathu emhlabeni.

NgoFebhuwari, ummeli kaNaidoo wenza imizamo yokulicitha icala  ngaphansi komthetho iSection 174 of Criminal Procedures Act, ebuka ukuntula kobufakazi, kodwa inkantolo yakucitha lokho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...