Liboshiwe iphoyisa elidubule umakhelwane ngenxa ka-plastiki

2017-06-30 11:03

Durban – Iphoyisa likaMasipala weTheku elidubule umakhelwane walo oneminyaka engu-48 ubudala eVerulam ngenxa kaplastiki, seliboshiwe ngecala lokuzama ukubulala, kusho amaphoyisa KwaZulu-Natal ngoLwesine.

Iphoyisa, 35, lidubule umakhelwane walo esiswini kulandela ingxabano ebiphakathi kukamakhelwane noyise wephoyisa ngoLwesithathu ntambama.

"Kuthiwa ummangali uxabane nomakhelwane wakhe [ubaba wephoyisa], indodana kamakhelwane [iphoyisa] yakhipha isibhamu yadubula ummangali esiswini,” kusho uCaptain Nqobile Gwala.

Okhulumela iReaction Unit South Africa uPrem Balram uthe isigameko senzeke kuFlamingo Way eDawncrest ngezithuba zabo-16:00.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa amaphoyisa amabili esiteshini

Kuthiwa ingxabano iqalwe uplastiki obusemgwaqeni okuthiwa uphephukele ngakomunye womakhelwane.

"Ngesikhathi kuqhubeka ingxabano, iphoyisa ebelingekho emsebenzini ngaleso sikhathi, likhiphe isibhamu ladubula umakhelwane amahlandla alinganiselwa kwangu-12,” esho.

"Ezinye zezinhlamvu zibhajwe emotweni yesisulu yohlobo lweKia, eyodwa yangena esiswini yayophuma ngomhlane. Iphoyisa libalekile endaweni yesigameko,” kusho uBalram.

UGwala uthe umsolwa ngokuhamba kwesikhathi uboshiwe ngecala lokuzama ukubulala.

Uzovela enkantolo kungekudada, kuqhuba uGwala.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...