Liboshiwe ibhungu elibonakala libhonya intombazane kwi-video esikoleni

2017-08-12 12:01

Durban - UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal kanye namaphoyisa endawo i-SAPS usuqinisekise ukuboshwa kwebhungu elahlasela intombazane esikoleni.

Leli bhungu liboshwe esiteshini samaphoyisa aseNanda kanti uzovela enkantolo ngoMsombuluko, kusho uCaptain Thembeka Mbhele.

OLUNYE UDABA: Owezemfundo uphenya ngokuhlaselwa kwentombazane esikoleni eKZN

Leli bhungu, lalenza ugrade 9 esikoleni iSiyathuthuka Secondary esiseNanda, enyakatho yeTheku, ngonyaka ophelile. Libe seliphuma ekuqaleni konyaka labhalisa kwesinye isikole esiKwaMashu.

Isigameko, esenzeka ngemizuzwana engu-20 esiqoshwe ngeselula, senzeka ngoNovemba 2016.

"Ubaba womsolwa unikele ngendodana yakhe emaphoyise kanti njengamanje usesitokisini," kusho uMuzi Mahlambi okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal ngoMgqibelo ekuseni.

 - TimesLIVE

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 18-31°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 16-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-23°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...