Lenyukile izinga lokubulala nelokuzama ukubulala eGauteng

2017-11-15 07:04

Johannesburg – Ukhomishana wamaphoyisa eGauteng uDeliwe De Lange uthi izibalo zobugebengu obenzeke ngo-2016/2017 zikhomba ukuthi lenyukile izinga lokubulala nezokuzama ukubulala esifundazweni.

UDe Lange nethimba lakhe bethule izibalo zonyaka ngobugebengu phambi kweKomidi lezokuPhepha koMphakathi esiShayamthetho sesifundazwe.

Uphinde wadalula neziteshi zamaphoyisa ezingawenzi ngendlela umsebenzi wazo esifundazweni, okubalwa kuzona i-Edenvale kanye ne-Akasia eTshwane.

OLUNYE UDABA: I-ANC ichithe imibiko ngokumiswa kukaMantashe

UDe Lange uthi u-28.2% wobugebengu obenzeka ezweni lonke benziwa kulesi sifundazwe.

“Ukubulala, ukuzama ukubulala, ukubanjwa kwenkunzi, kwenyukile,” kusho uBrigadier Mpho Chakalane obethula izibalo.

Ukubulala kwenyuke ngo-6.7%, ukuzama ukubulala kwenyuka ngo-6.5% kanti amacala okuhlukumeza ngokocansi enyuke ngo-0.6%.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Morning clouds. Mild. Pta: 17-27°C Numerous showers. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 14-22°C Heavy rain. More sun than clouds. Mild. Bloem: 10-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...