Lenyukile izinga labangasebenzi

2016-11-22 16:00

Cape Town – Izinga labantu abangasebenzi eNingizimu Afrika lenyuke lafinyelela ku-27.1% esigabeni sesithathu sonyaka ka-2016, kusho iStatistics South Africa ngoLwesibili.

Lokhu kusho ukuthi izinga labangasebenzi lenyuke ngo-0.5 uma kuqhathanisa nesigaba sesibili sango-2016, ngesikhathi limi ku-26.6%, nelalenyuke ngo-1.6% uma kuqhathaniswa nangesikhathi esifanayo ngo-2015.

Kubantu abangu-21.7 million okungabe bayasebenza, bangu-5.9 million abangasebenzi.

OLUNYE UDABA: Lihlehlile elosolwa ngokubulala unina

“Izinga labantu abangasebenzi lingu-13.1% ngaphezulu kwezinga leNational Development Plan,” kusho uGeneral Pali Lehohla.

ULehohla weStats SA uthe nakuba izingu labangasebenzi lenyukile, lenyukile nezinga labantu abaqashiwe.

Uthe imboni yezolimo ibenomthelela omkhulu ekwenyukeni kwezinga labantu abaqashiwe njengoba kuqashwe abantu abangu-56 000.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-26°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 12-22°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 9-20°C High level clouds. Mild.
Dbn: 19-22°C Rain showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...