LALELA: Indodakazi kaNtlemeza isabisa ngokubulala iphoyisa elivulele uyise icala

2017-05-19 16:02

Johannesburg – Indodakazi yeNhloko yophiko loKlebe, uMthandazo Berning Ntlemeza, ngoLwesine ishayele ucingo iphoyisa elingummangali ecaleni elibhekene nobaba walo, yabe isisabisa ngokulibulala.

U-Anele Ntlemeza, naye oyiphoyisa, uphinde wacapha ngenhlamba uNgqongqoshe wamaPhoyisa, uFikile Mbalula, kule ngxoxo yocingo. Usole leli phoyisa ngokuba yimpimpi kaMbalula yaphinde yathi bona “abayigqizi qakala” indaba kaNgqongqoshe.

Lolu cingo lushaywe kungakapheli ngisho isikhathi esingakanani uNtlemeza ekhale ngaphansi esicelweni sakhe saseNkantolo eNkulu yasePitoli ngoLwesine nalapho ebefuna ukuthola isivimbelo sokuvimbela uMbalula ukuthi angamkhiphi esikhundleni sokuba yiNhloko yoKlebe. Lesi sicelo sibuyiselwe eceleni.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: UNtlemeza ugcine esefunwa nayizakhamuzi zakuleli kuTwitter

Lezi zingxoxo ngocingo ziqoshiwe zonke kanti iNews24 inawo amakhophi azo.

Leli phoyisa, uCaptain Boitumelo Ramahlaha, useke wavulela uNtlemeza amacala enkohlakalo kanye nokuphazamisa ingalo yomthetho, ngemuva kokuthi esole ukuthi idokodo lecala lephoyisa laseLimpopo lavele lanyamalala ngendlela engaqondakali.

Leli phoyisa kusolakala ukuthi lalinobudlelwano bezothando nenye indodakazi kaNtlemeza, u-Amanda.

Kule ngxoxo yangoLwesine, u-Anele uqinisekisa kuRamahlaha ukuthi uyena (u-Anele) ofonile wabe esemgxeka ngokusabisa kanye nokuhlukumeza udadewabo.

LALELA LE NGXOXO LAPHA

Ube esetshela leli phoyisa elimisiwe ukuthi uyalazi ukuthi lihlala kuphi nokuthi unezinombolo zocingo zikababa walo.

“Hlukana nokuhlukumeza umndeni wami kungenjalo ngizoza kuwena ngayo yonke into enginayo. Ngizoze ngikubulale nokukubulala,” usho kanje.

URamahlaha ubuze ukuthi “Uzimisele ukungibulalela uNtlemeza?”

U-Anele uphendule ngokuthi: “Ucabanga ukuthi uhlakaniphile? Uma ngiphinde ngikuzwa ufonela noma uthuka usisi wami, ungofileyo. Ngizokubulala. Mufonele manje futhi kuzoba usuku lwakho lokugcina.”

Uphinde wamtshela nokuthi usePitoli, wathi ufuna bahlangane ubuso nobuso. 

Lalela le ngxoxo yocingo ebishubile lapha: 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Drizzle. Morning clouds. Cool. Pta: 12-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C High level clouds. Mild. Bloem: 13-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 16-24°C High level clouds. Mild. PE: 13-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...