Kweqe iziboshwa ezingu-20 ebeziphuma enkantolo

2017-08-23 11:02

Johannesburg – Iziboshwa ezingu-20 ebezisalinde ukuqulwa kwamacala azo zeqile ngemuva kokuba abesilisa ebebehlomile behlasele imoto ebithwele iziboshwa ilibhekise ejele.

ULieutenant-Colonel Lungelo Dlamini ngoLwesithathu uthe iziboshwa bezibuyiselwa ejele elidume ngokuthi yiSun City, eningizimu yeGoli, ngemuva kokuvela enkantolo ngoLwesibili ntambama.

Imoto ebithwele iziboshwa ihlaselwe ngabesilisa ebebephethe izibhamu ezinkulu kuPat Mbatha Road ngasesiteshini sesitimela eSouthgate.

UDlamini uthe abesilisa bagqekeze imoto, bakhipha iziboshwa.

OLUNYE UDABA: Isinde ngokulambisa imeya kushiswa umuzi wayo

Esinye seziboshwa besesigwetshwe iminyaka engu-17 sibhadla ejele ngemuva kokulahlwa yicala lokuphanga kuhlonyiwe.

Amaphoyisa asathungatha iziboshwa kanye nabesilisa abebehlomile.

Amaphoyisa acela onemininingwane ngabasolwa abahlasele imoto yeziboshwa nokuthi zikuphi iziboshwa axhumane neCrime Stop ku-08600 10111.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...