Kwembulwa kwembeswa enganeni esinde kuqothwa umndeni e-KZN

2017-10-04 19:32

Durban - Ingane yaKwaZulu-Natal esinde ngesikhathi kuqothwa umndeni wayo odusthulwe washiswa nezindlu eMbangweni, eMatimatolo, ibangwa nezibi esibhedlela.

NgoLwesibili ebusuku, kubulawe amalungu angu-8 omndeni ngemuva kokuthi ungenelwe yizigebengu ezindlini zikarawondi ezimbili obulele kuzo.

Amaphoyisa athi okwamanje imbangela yalesi sigameko ayicaci kahle.

Umphakathi uthi uvuswe ukuqhuma kwesibhamu ngabo-21:00 kwathi uma uphuthuma uyosiza wafika lei zindlu sezisha ubuhanguhangu.

Kurawondi wokuqala, umama nezingane zakhe ezine bangqoklozwe ngesibhamu ngaphambi kokuthi indlu abebelele kuyo yokhelwe ngomlilo.

OLUNYE UDABA: Ubuholi besifundazwe e-KZN buzohambela umndeni okubulawe kuwo abangu-8

Kuthe kwenye indlu ebudebuduze nale yokuqala, kwahlaselwa abanye futhi abantu, okungowesifazane nezingane zakhe ezintathu.

Lapha kushone umama, kwathi izingane ezimbili ezihlengwe emlilweni, zashonela esibhedlela ngoLwesithathu.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe: "Umphakathi yiwo obone ilangabi lomlilo, wazama ukusiza kepha kwasho ukuthi umlilo usumkhulu kakhulu."

Amaphoyisa aseMatimatolo aphenya amacala angu-8 okubulala kanye nelilodwa lokuzama ukubulala.


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...