Kwehle amandla erandi uZuma esinda bezama ukumketula

2016-11-29 18:00

Johannesburg – Irandi lehlelwe amandla kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi uMengameli Jacob Zuma usindile ezembeni abebhekene nalo emhlanganweni “obushisa phansi” weNational Executive Committee (NEC) ye-ANC.

Ngemuva kwesikhashana kuqale isithangami sabezindaba ngomhlangano weNEC ye-ANC, oqale ngo-14:00 ngoLwesibili, irandi beselibiza u-R14 uma liqhathaniswa nedola laseMelika.

OLUNYE UDABA: UGordhan usejoyine labo abathi umengameli Zuma akashenxe, kusho imithombo

Kuthe kushaya u-15:30 irandi labe selibiza u13:95 uma liqhathaniswa nedola laseMelika.

Lokhu kwenzeke njengoba iNobhala Jikelele we-ANC, uGwede Mantashe, edalule ukuthi uZuma akayi ndawo.

Irandi livule lihleli ku-R13.73 uma liqhathaniswa nedola laseMelika ngoLwesibili, kanti beselibheke ku-R14 maphakathi nosuku.

UPetri Redelinghuys, ongumsunguli weHerenya Capital, uthi ukunyakaza kwerandi kangaka kukhombisa ukuthi lilawulwa yipolitiki.

Uthi ukuqagula kokuthi uZuma angase ashiye ehhovisi kukhombise uzinzo kwezepolitik kwaphinde kwaqina namandla erandi.

Kodwa-ke ngemuva kwemibiko yakamuva yokuthi uZuma akayi ndawo irandi liye lehlelwa amandla. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone ababili kuphangwa ibhizinisi

Emizuzwini eyi-31 edlule
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...