Kwebiwe amaphepha okuvota eSoweto

2016-07-29 19:00

Johannesburg – Kwebiwe amabhokisi aqukethe amaphepha okuvota okhethweni lwangesonto elizayo ngoLwesine ebusuku eDobsonville, eSoweto, kusho i-IEC.

Kuthiwa la maphepha ebiwe emotweni ebiwadiliva, kubika iSowetan.

“I-Electoral Commission ithole ukuthi la mabhokisi abenamaphepha okuvota kaWard 29, eGoli.”

OLUNYE UDABA: I-IEC ikhathazekile ngokungase kwenzeke eKZN ngesonto elizayo

Ukhetho lohulumeni basekhaya luzobanjwa ngoLwesithathu oluzayo.

“Asiboni ukuthi laba abebe la mabhokisi bebazi ukuthi kunani phakathi kuwo ngoba awabhaliwe ngaphandle.

“I-EC namaphoyisa bayasebenzisana ngemizamo yokuthola iqiniso ngokwenzekile.”

Amaphoyisa abe esecela ongaba nolwazi ngalesi sigameko ukuba axhumane nawo.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 7-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 5-22°C Sunny. Mild. Bloem: 3-14°C Mostly sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-16°C Showers late. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...