"Kwangithusa ukuboshwa kukamama eboshelwa ukubulala ubaba"

2018-04-12 19:30

eLimpopo - Indodana yesiqumama saseLimpopo esabulawa sisekhaya laso ePolokwane izwakalise ukumangala ngokuboshwa kukamama wakhe njengomunye wabasolwa kuleli cala.

UHlogi Mathebula ubengomunye wabantu abafike enkantolo bezolalela ukuqulwa kwaleli cala eNkantolo kaMantshi yasePolokwane.

Bathathu abasolwa abavele enkantolo mayelana nokubulawa kukayise wakhe uNgwako William Mathebula.

UMathebula, 47, wadutshulwa amahlandla ambalwa phambi kwendodana yakhe eneninyaka engu-11 ekhaya eFlora Park, ePolokwane, ngomhlaka 20 Febhruwari.

OLUNYE UDABA:Imigulukudu ididise abasebenzi basebhange babagebenga imali

Uphenyo lwamaphoyisa lwaholela ekuboshweni kukaSimon Ramela ngomhlaka 27 Mashi, kwaboshwa unkosikazi kamufi uNakedi Nelly Mathebula, ngomhlaka 3 Ephreli kanti umsolwa wesithathu uJohannes Matlala yena uboshwe ngoLwesithathu mhlazingu-11 Ephreli.

Bonke laba basolwa babhekene necala lokwakha iculo lokubulala kanye nokubulala. Icala labo lihlehliselwe umhlaka 26 kwephezulu lapho bezofaka khona isicelo sebheyili.

UHlogi, 18 uthe: "Kungimangaze kakhulu ukubona ukuthi umama wami ungomunye wabasolwa ecaleni lokubulala ubaba. Ngizokugodla ukuphawula kwami kuze kushaye isikhathi esihanelekile."

Lo mfana uthi ukholelewa ekutheni umthetho kumele udlale indawo yawo futhi kube khona nobulungiswa, kubika iSowetan.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...