Kuzwakale ukuthi akuve adumala umama kaManana ngesigameko

2017-11-09 09:29

Johannesburg – Umama kalowo obeyiSekela likaNgqongqoshe wezeMfundo ePhakeme uMduduzi Manana, wabanamahloni futhi wahlazeka ngesikhathi ezwa ngokuziphatha kwendodana yakhe.

Lokhu kushiwo yiphoyisa ebelethula ubufakazi eNkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesithathu ngesikhathi kuqhubeka icala likaManana obhekene namacala amathathu okushaya.

UManana walahlwa ngamacala ngoSepthemba ngemuva kokuvuma ukushaya abantu besifazane abathathu eCubana eFourways.

OLUNYE UDABA:Wake walahlwa yicala lokweba ikani le-Coke obeyiphini likaNgqongqoshe

Lokhu kwenzeka ngemuva kokuba omunye wabantu besifazane ebize uManana ngesitabane.

Leli phoyisa, uMasisi Modikoane lithe uManana wacasuka ngesikhathi ebizwa ngesitabane.

UModikoane uthe uManana wathi akasiso yena isitabane futhi akanankinga nabantu abayizotabane.

UManana waphinde wathi utshwala nabo badlala indima enkulu kulesi sigameko futhi wayengaphansi kwengcindezi emsebenzini.

Icala kulindeleke ukuba liphinde lilalelwe ngoMsombuluko enkantolo ukuze imantshi idlulise isigwebo.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...