Kuzovalwa imigwaqo eminingi eThekwini kusasa ngenxa yomcimbi wamasosha

2017-02-20 19:30

Durban - UMasipala weTheku usuxwayise abashayeli nabantu jikelele ngokuphazamiseka nokuvalwa kwemigwaqo kuleli dolobha njengoba kunomcimbi omkhulu wokugubha usuku lwamasosha (Armed Forces Day Celebration) ozobe usenkundleni eMoses Mabhida kusasa. Amalungiselelo alo mcimbi omkhulukazi azoqala ngo-5 ekuseni wona uqale ngo-10 uze uphele ntambama.

Ngokwesitatimende esithunyelwe umkhandlu weTheku, imigwaqo elandelayo kulindeleke ukuthi ivalwe: UMasabalala Yengwa (MNR) Avenue kusukela emgwaqeni uSimiso Nkwanyana kuya kuSandile Thusi.

OLUNYE UDABA:Bashise amathayi bavala imigwaqo ababhikishi

USouth Bound uzovalwa kusukela ngo-8 ekuseni kuya ku-1 emini, uNorth Bound uvalwe kusukela ngo-5  kuya ku-9 ekuseni kuzobe kusebenza umzila owodwa bese kusukela ngo-9 kuya ku-1 emini uvalwe wonke bese izimoto zisebenzisa uSmiso Nkwanyana. 

Isolezwe libuye lathola nokuthi izindawo zokuzivocavoca iVirgin Active esenkundleni iMoses Mabhida izobe ivaliwe naleyo esenkundleni yebhola lombhoxo iGrowthi Point Kings Park.

Umphakathi wemukelekile kulo mcimbi ozobe uhanjelwe nawumengameli wezwe ophinde abe ngumkhuzi wamabutho ezempi uMnuz Jacob Zuma, kubika ISOLEZWE.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Passing showers. Partly cloudy. Mild. Pta: 4-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 2-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...