Kuzosizakala iziboshwa ezine-HIV ngohlelo olusha

2016-12-18 18:32

Durban – Iziboshwa zasemajele aKwaZulu-Natal ziqeqeshelwe ukuba zinakelele ezinye eziphila negciwane lesandulela ngculazi njengoba kunohlelo olusha lwama-ARV.

Ekhuluma ohlelweni iCentral Chronic Medication Dispensing and Distribution (CCMDD) ngoLwesihlanu ejele eliseWestville, uNgqongqoshe wezeMpilo uSibongiseni Dhlomo uthe lolu hlelo luzoqinisekisa ukuthi isatshalaliswa kahle imishanguzo yezifo ezifana  ne-HIV, ushukela, umdlavuza, isifo sofuba nezinye.

UDhlomo uthe iziboshwa ezingu-4 000 ezine-HIV ezisemajele akuleli sizozosiza kakhulu iziboshwa uphele nomkhuba wokukhishwa inyumbazane kwabagulayo.

OLUNYE UDABA: Ube yimpumelelo uzime wabane-HIV

Uthe ama-ARV asezofakwa emagobhozini afanayo neminye imithi yezinye izifo.

Amajele ase-KZN aneziboshwa ezingu-7 741 ezaziway ukuthi zine-HIV kanti ezingu-3 855 sezivele zidla imishanguzo yokuthithibalisa leli gciwane.

“Ngaphansi kwalolu hlelo olusha, ama-pharmacy aseMgungundlovu naseThekwini azosebenzisana namajele ukuze iziboshwa ziyithole ngesikhathi imishanguzo,” esho.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Early fog followed by sunny skies. Mild. Bloem: 8-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 15-25°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...