'Kuzomele aphendule uManana ngokungezi ePhalamende kuvotwa'

2017-08-09 12:30

Johannesbur – USotshwebu we-African National Congress (ANC) uJackson Mthembu uthi bonke labo ebebengekho ePhalamende kumele baphendule.

UMduduzi Manana ungomunye walabo ebebengekho ePhalamende ngoLwesibili ngesikhathi kuvotwa ngesiphakamiso sokungethenjwa kobuholi bukaMengameli Jacob Zuma.

“Kuzomele aphendule kusotshwebhu kanye nabanye ebebengekho, ngaphandle kwalobo ebebexolisile noma ebebecele ukungabikho ngenxa yezizathu. Kodwa kunalabo okumele baphendule kuSotshwebhu.”

Khonamanjalo, iCongress of South African Trade Union (Cosatu) izobhikisha ngaphandle kwekomkhulu lamaphoyisa esifundazwe eKapa, ifuna kubhekwane nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

OLUNYE UDABA: Uhulumeni ubonge ababhikishi ngokuziphatha kahle

Ababhikishi bazobe befuna nokuba kuboshwe ngokushesha uManana.

Inyunyana yabasebenzi, iNumsa, ekuseni ngoLwesitathu ithe ayikwamukeli ukuxolisa kukaManana, ifuna uhulumeni amathathele izinyathelo uManana ukukhombisa ukuzibophezela ngokulwisana nodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 20-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 17-33°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 18-29°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-32°C Scattered showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C Afternoon clouds. Warm. PE: 21-27°C More clouds than sun. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...