Kuzolalelwa izethulo zokugcina ecaleni losolwa ngokuqotha umndeni ngembazo

2018-02-13 09:32

Johannesburg - Izethulo zokugcina ecaleni elibhekene nalowo osolwa ngokuqotha umndeni wakhe, uHenri van Breda zizolalelwa namuhla eNkantolo eNkulu eKapa.

UVan Breda usolwa ngokubulala abazali bakhe nomfowabo ngembazo emzini wakubo eDe Zalze Estate eStellenbosch eminyakeni emithathu eyedlule.

OLUNYE UDABA:Osolwa ngokubulala abazali ukhombise inkantolo indlela alwa ngayo nesigebengu

Umsolwa egcina ukuvela enkantolo, udokotela uDkt James Butler, wethula ubufakazi wathi akanaso isiqiniseko sokuthi uVan Breda waquleka isikhathi esingakanani kulandela ukugula kwakhe kokudlikiza endaweni yeisgameko.

UButler nguye owathola ukuthi umsolwa, 23, uneJuvinile Myclonic Epilepsy.

UVan Breda njengamanje ulashelwa ukukhwantalala nokukhathazeka.

 - SABC


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few tstorms. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-24°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...