Kuzolalelwa esokuphikisa isigwebo esanikezwa u-Oscar

2017-09-19 11:01

Johannesburg - INkantolo eNkulu yokudluliswa kwamacala eBloemfontein izohlala ngoLwesihlanu, mhlaka 3 Novemba ukulalela isicelo soMbuso sokuphikisa isigwebo esanikezwa u-Oscar Pistorius.

INkantolo eNkulu eTshwane yamgweba iminyakla eyisithupha ebhadla ejele uPistorius ngecala lokubulala intombi yakhe uReeva Steenkamp.

UPistorius wadubula wabulala intombi yakhe ngoFebhuwari 14, 2013.

Wathi wayecabanga ukuthi yisigebengu.

OLUNYE UDABA: ICosatu ithi izwe alinamholi - Umbiko

Kuzobe kungokwesibili uMbuso uphikisa isigwebo sikaPistorius.

Okokuqala yasiphikisa ngempumelelo, kulandela ukuguqulwa kwesinqumo sokuthi wabulala ngokungenhloso.

UMbuso uthi sincane kakhulu isigwebo seminyaka eyisithupha anikezwa sona ngecala lokubulala.

UPistorius ugcinwe e-Atteridgeville Correctional Centre eTshwane, okuyijele elikwaziyo ukunakekela abantu abanokukhubazeka.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...