Kuzokwenziwa uphenyo ngokubulawa kukaChillies

2017-09-13 14:00

Durban - Uphiko olubheka ukusebenza kwamaphoyisa i-Ipid, seluqalise uphenyo ngesigameko sokudubula esenzeka eMlazi, eningizimu yeTheku.

Kulesi sigameko amaphoyisa adubula abulala isigebengu esaziwayo, uSandile "Chillies" Bhengu, 37.

Abangani baChillies bathi wadutshulwa engasiphethe isibhamu ngesikhathi sesigameko, kanti amaphoyisa wona athi ayezivikela.

Iqiniso ngesigameko lizovela kahle uma sekuphothulwe uphenyo.

Okhulumela  i-Ipid uMoses Dlamini utshele iDaily Sun ukuthi inhloso yophenyo ukuthola ukuthi ngabe uChillies wayeyingozi yini emaphoyiseni.

OLUNYE UDABA: Abafundi babuthane enkantolo bezokweseka osolwa ngokushaya

Uthe bazobiza ofakazi, ikakhulukazi labo ababekhona ngesikhathi sesigameko.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi luzodonsa isikhathi esingakanani uphenyo ngoba kuzomele sithathe izitatimende ngokucophelela kulabo ababekhona endaweni yesigameko.

“Kuzoya nangokuthi ofakazi bayasebenzisana yini nethimba labaphenyi. Sifuna ukuphenyisisa,” kusho uDlamini.

UDlamini uthe ngeke bagcine ngokuphenya ngodaba lukaChillies kodwa nangamanye amacala abantu abafa ngezandla zamaphoyisa.

- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Mild.
Jhb: 11-15°C Rain showers. High level clouds. Cool. Bloem: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 13-18°C a few showers. Mostly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...