Kuzohlonzwa izidumbu zabashona kweyesitimela neloli

2018-01-08 07:56

Johannesburg – Uhlelo lokuhlonza izidumbu emakhazeni aseKroonstad kulandela ingozi yesitimela eyenzeka ngoLwesine kulindeleke luqale ngoMsombuluko.

Bangu-19 abantu abashona kule ngozi enyantisayo. Abanye abantu namanje abaziwa ukuthi bakuphi.

Izihlobo zinethemba lokuthi zizobathola kuleli sonto. 

Izihlobo azikwazanga ukuqalisa ukuthungatha izihlobo zazo ngenxa yokuthi bekuvaliwe emakhazeni ngempelasonto.

OLUNYE UDABA: Kuvulwe ujantshi okwenzeka kuwona ingozi

Imizamo yabo yokuthungatha ezibhedlela nasendaweni yesigameko ibeyize.

Khonamanjalo, kulindeleke ngoMsombuluko kuvulwe izincingo zakwa-Prasa ezizosebenza usuku lonke ngenxoso yokusiza imindeni.

Amakhulu abantu ayelibangise eGoli ehamba ngeShosholoza Meyl ngesikhathi iloli lishayisa isitimela eKroonstad, eFree State, kwashona abantu abangu-19.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...