Kuzogwetshwa owabulala owesifazane ehostela eMlazi

2018-04-03 12:30

Durban - Owesilisa oneminyaka engu-28 ubudala, owalahlwa yicala lokubulala owesifazane owayenesitolo eGlebelands Hostel eMlazi, eningizimu yeTheku, kulindeleke agwetshwe ngoLwesibili, kusho amaphoyisa.

UKhayelihle Mroza Mbuthuma walahlwa ngecala yiNkantolo yesiFunda eThekwini ngoLwesine, ngoMashi 29, kusho okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uThulani Zwane.

Owesifazane, uSbongile Mtshali, 52, wadutshulwa wabulawa egumbini ayehlala kulona kuleli hostela ngoJulayi nyakenye.

OLUNYE UDABA: Lilinde imhlamvu ekhanda ikhansela elicuthelwayo

Wadutshulwa ekhanda nasesifubeni. 

Leli hotsela lithathwa njengesidleke sezinkabi.

Ngonyaka odlule kuboshwe abasolwa abaningi, okubalwa kubona nephoyisa ngamacala okobulala ehotsela.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...