Kuzobe kuboshelwe abaculi abadumile emcimbini wamahhala

2017-08-12 09:03

Cape Town – NgeSonto, mhlaka-3 kuSepthemba, kuzobe kunomcimbi waminyaka yonke, iJazz on the Lake, eZoo Lake, eGoli.

Kulo mcimbi kuzobe kungenwa mahhala kanti kuzobe kunandisa kuwo abaculi abadumile kuleli kanye noyedwa waseMelika.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Abawuvali umlomo ngobegugqokwe uRihanna emcimbini

Kubaculi abazobe beyingxenye yalo mcimbi kubalwa uZonke, intokazi yaseMelika eshaya ama-drums, uQueen Cora, inkakha yomculi wakuleli, uSibongile Khumalo, kanye nomculi wakuleli ongaconsi phansi, u-Amanda Black.

Lo mcimbi uzaqala ngo-11:00 ekuseni, uze uphele ngo-17:30.

- Channel24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C High level clouds. Mild. Pta: 6-20°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 2-20°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 10-18°C Mostly sunny. Cool. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...