Kuzoba nomlindelo wokweseka uZuma eThekwini

2018-04-05 12:33

Johannesburg – Abaholi bamabandla ehlukene bazobamba umlindelo eThekwini ngoLwesine ukweseka lowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma.

UZuma uzovela eNkantolo eNkulu KwaZulu-Natal ngoLwesihlanu ngamacala enkohlakalo, asukela ekuthengweni kwezikhali.

Laba bazophinde babambe imashi ezosuka eKing Dinuzulu Park ilibhekise enkantolo.

OLUNYE UDABA: OKlebe bayaqhubeka nemizamo yokubuyisakuleli abakwaGupta

"Sihlela umlindelo ozoba sebusuku e-Albert Park eThekwini ozoqala ligamenxe ihora lesithupha ebusuku kuze kube ngelesithupha ekuseni. Kuzothi ngo-07:00 simashe sisuka eKing Dinuzulu Park siye eVictory Embankment nokuyilapho sizohlangana khona nalowo owayengumengameli wezwe uJacob Zuma," kusho uBishop Bheki Ngcobo weNational Interfaith Council of South Africa. 

Abahleli beDefend Zuma bathi bazoma noZuma okwamanje, ngaphanele uma limlahla icala.

Bathi umuntu unecala uma lokho kutholwe yinkantolo, hhayi abantu noma abezindaba.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-24°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 6-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C a few tstorms. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...