Kuzoba nesiteleka samabhasi kuzwelonke ngoLwesithathu - Umbiko

2018-04-17 07:33

Kuhlelwe isiteleka sikazwelonke samabhasi, esizophazamisa ukusebenza kwazo zonke izinkampani zamabhasi asebenza ngokuthutha abagibeli, ngoLwesithathu.

Izinyunayana sezinikezele ngesaziso sesiteleka kwiSouth African Road Passengers Bargaining Council kulandela ukufinyelela kwangqingetshe kwezingxoxo zamaholo.

Amabhasi akwaGolden Arrow azobe engasebenzi kusukela ngomhlaka-18 Ephreli kulona lonke leli.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Basale dengwane abagibeli kuteleka abamabhasi

Abagibeli bazonikezwa amathikithi amasha uma amabhasi eseqala ukusebenza futhi ngemuva kwesiteleka.

Lowo oyillungu leMayoral Committee eKapa uBrett Herron uthe amabhasi akwaMyCiti nawo azophazamiseka kulesi siteleka.

“Siyaxolisa kakhulu ngokuphazamiseka kwezinhlelo zabagibeli. Uhlelo lweMyCity njengamanje luthwala abagibeli ababalelwa ku-72 000 nsukuzonke. Isiteleka sizoqhubeka kuze kube kufinyelelwa esivumelwaneni ngodaba lwamaholo."


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 8-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...