Kuyaqhubeka ukuqulwa kwecala losolwa ngokuqotha umndeni ngembazo

2017-11-06 07:27

Cape Town - Kuyaqhubeka ukuqulwa kwecala lendoda esolwa ngamacala amathathu okubulala, uHenri van Breda, eNkantolo eNkulu yaseWestern Cape.

Uvan Breda uliphikile icala lokubulala abazali bakhe kanjalo nomfowabo, njengoba elokhu egcizelela ekutheni babulawa yisigebengu.

Udadewabo walimala kanzima futhi akakhumbuli nokwenzeka ngesikhathi sokuhlaselwa.

OLUNYE UDABA:Wethula ubufakazi enkantolo osolwa ngokuqotha umndeni ngembazo

Ngesonto eledlule, wangena ebhokisini lofakazi waphekwa ngebhodwe elincane yijaji uSiraj Desai kanjalo nomshushisi wombuso.

UVan Breda wethula ubufakazi enkantolo waze wabonisa inkantolo ukuthi walwisana kanjani nesigebengu.

Le ndoda yakhihla isililo enkantolo ngesonto eledlule, okokuqala ngqa selokhu yaqala ukuvela enkantolo kuleli cala.

 - Twitter:

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...