Kuyaqhubeka ukuqulwa kwecala labasolwa ngelokubulala eMarikana

2018-02-20 09:40

Johannesburg - Ukuqulwa kwecala lamadoda angu-14 aseMarikana asolwa ngokubulala ngesihluku uSebata Petros Chale kuyaqhubeka namuhla (ngoLwesibili) eNkantolo eNkulu yaseNorth West eMogwase ngaphandle kwaseRustenburg.

Abasolwa; u-Aubrey Seitsang, uSibonile Sobopha, uMdlondozi Fundiwo, uHerbert Baqhesi, uNapoleon Webster, uWilliam Nyenyane, u-Aphindile Pungone, uSamson Gqwetani, uGift Luveli, uNkululeko Msithwa, uNkosindiphile Nziyose, uLuvo Soyizwaphi, uSivuyile Qasha noMzolisi Mbulana.

OLUNYE UDABA:Kuzoqiniswa ezokuphepha kuqulwa elokubulala eMarikana

UMbuso usola ukuthi abasolwa bagenca uSabata Petros Chale, 39, bambulala eMarikana West ngomhlaka-28 Disemba 2016, bemsola ngodaba lwezindlu zomxhaso eMarikana West EXT 2.

Owayengumholi weqembu elalaziwa ngokuthi yiZintsizwa, osephenduke ufakazi wombuso nguye owayebeka abasolwa endaweni yesigameko.

Nakuba kunjalo, uWebster, uPungone, uMsithwa noNziyose bathi bona babengekho endaweni yesigameko.


– African News Agency (ANA)

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...