Kuyaphenywa ngokubulawa kwendoda esiteshini samaphoyisa eKapa

2018-04-16 12:29

Cape Town - Kuphenywa izigameko ezimbili ezahlukene ngemuva kokuba iphoyisa lomgwaqo lidubule labulala indoda esolwa ngokuligwaza esiteshini samaphoyisa aseMfuleni.

Leli phoyisa belivula idokodo ngeSonto ngesikhathi kufika indoda ecele ukufakwa esitokisini.

Kusolwa ukuthi ibe isihosha ummese yagwaza ngawo iphoyisa amanxeba amathathu.

OLUNYE UDABA:Kuphenywa isigameko sokweqa kweziboshwa eGoli

OweKomidi lezokuPhepha eKapa, uJP Smith ,uthe iphoyisa libe seliziphindiselala, ladubula umhlaseli.

"Kulimale nabanye abantu ababili ngesikhathi kuqhuma isibhamu. Iphoyisa lithola usizo eMelomed eBellville kanti lizothola nokwelulekwa ngokomqondo. Oyedwa kwabathole ukulimala uphuthunyiswe esibhedlela iTygerberg eyothola ukwelashwa."

USmith uqhube ngokuthi ngale ngokuthi kuyaphenywa, namaphoyisa ophiko lwe-Ipid nawo kufanele aphenye.

"Amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service aphenya udaba kanjalo nawe-Independent Police Investigative Directorate. Umkhandlu uzosiza ngayo yonke indlela ukuqinisekisa ukuthi kuyashesha."

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...