Kuyaphenywa ngesehlakalo sokubhubha komndeni e-PMB

2018-04-13 16:02

Durban  - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal aphenya icala lokubulala nokushisa kulandela ukudlula emhlabeni kwabantu abangu-5 emzini oseMgungundlovu.

La bantu bashe bangqonga nomuzi.

Okhulumela amaphoyisa uSergeant Mthokozisi Ngobese uthe amaphoyisa athole ucingo olumayelana nokusha komuzi ku-10 Larch Road phakathi kwezithuba zabo-03:00 no-03:30 ngoLwesine ekuseni.

Lo muzi wakhe phakathi kwemijondolo yasemjondolo yaseJika Joe naseBrookside Mall.

OLUNYE UDABA:ISITHOMBE: Kushone umama nengane kusha umjondolo eGoli

"Ngemuva kokuthola ucingo ngokushiswa komuzi, siphuthume endaweeni yesigameko safika umuzi usasha. Sibe sesishayela abezicishamlilo ukuba bazolekelela esigamekweni," kusho uNgobese.

Uthe kusetshenziswe izinsimbi ukugqekezwa isango nama-burglar bars emnyango.

"Ngesikhathi singena ngaphakathi, sibone izidumbu ezingu-5.

UNgobese uhlonze izisulu ngamagama azo okungu-Aziz Manjra, 46, unkosikazi wakhe u-Amina Essop, 46, indodakazi uMehrunissa Manjra, 14, nondodana uRizwaan Manjra, 8.

Bekukhona nesihlobo ngesikhathi kwenzeka isigameko, uZaiboon Valley, 50.

"Siphenya imbangela yesigameko. Okwamanje, abukho ubufakazi bokuthi kujikijelwe ibhomu kulo muzi."

UNgobese uthe bathungatha abasolwa kanti futhi nembangela yeisgameko ayikaziwa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...