Kuyaphenywa ngephoyisa elishayise labulala abafana ababili

2018-04-11 18:02

eGoli - Uphiko oluphenya amacala amaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) isithathe izintambo ophenyweni olubandakanya iphoyisa, kubika iThe Citizen.

Leli yicala labafana ababili okuthiwa bashayiswe yimoto ebishayelwa yiphoyisa bashona.

I-Ipid ithathe lesi sinqumo ngemuva kokuzwa imibiko yokushona kwalaba bafana izungeza ezinkundleni zokuxhumana.

Okhulumela lolu phiko uMoses Dlamini uthe lolu phiko luthathe izintambo kulolu phenyo ukuze bathole kahle ukuthi kungani lolu daba lungakaze lubikwe kubona ngokuhambisana nomthetho wabo.

OLUNYE UDABA:Amaphoyisa e-KZN adubula abulala 2 weziboshwa ezeqe ejele laseGoli

Uthi bathole umbiko wokuba kabaphenye ngaleli cala ukuze kungabi bikho ukwenzelela kodwa liphenywa ngabantu abazophuma namaqiniso kuphela.

Okhulumela amaphoyisa aseNorth West uBrigadier Sabata Mokgwabone ukuqinisekisile ukuthi uphenyo soluphethwe ngabe-Ipid kodwa akakwazanga ukukhipha eminye imininingwane mayelana nalolu daba.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...