Kuyaphenywa ngephoyisa elidubule uzakwabo ngephutha

2017-04-21 11:01

Cape Town – Kushone iphoyisa laseKapa ngemuva kokuthi uzakwabo elidubule ngephutha ngesikhathi ehlanza isibhamu sakhe, kusho i-Independent Police Investigative Directorate (Ipid) ngoLwesine.

Leli phoyisa lidubuleke esifubeni ngoLwesithathu ebusuku labe selishonela endaweni yesigameko, ngokusho kokhulumela i-Ipid uMoses Dlamini.

Ukuqinisekisile ukuthi bayaphenya ngalesi sigameko.

“Leli phoyisa lidubuleke ngesikhathi uzakwabo ehlanza isibhamu sakhe, sase siqhuma ngephutha sashaya umufi esifubeni,” kusho uDlamini.

Uthe bazama ukuthola iqiniso ngokwenzeka kulesi sehlakalo.

OLUNYE UDABA: Unogada uwise isibhamu wadubuleka ethangeni ngephutha

Ebuzwa ukuthi ngabe kuyinto ejwayelekile ukuthi amaphoyisa ahlanze izibhamu zawo ezimotweni zomsebenzi, uDlamini uthe lokho kuzoba yingxenye yophenyo.

La maphoyisa womabili abesebenza ngaphansi kweSA Police Service.

Lo mshophi wenzeke la maphoyisa ehleli emotweni esiteshini samaphoyisa esiseKraaifontein ngabo-20:30.

INetwerk24 ihlonze umufi njengoChristopher Mouton, obesesebenzele umbutho iminyaka engu-9. Kuvele ukuthi washadelwa ngonyaka owedlule.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-14°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...