Kuyaphela ngoZuma namhlanje, kusho amalungu e-NEC

2018-02-12 11:00

Johannesburg - Amalungu eNational Executive Committee (NEC) ye-ANC kulindeleke ukuthi anqume ngekusasa likaMengameli Zuma kwezepolitiki uma esehlangana ngoMsombuluko ntambama, njengoba abantu abaningi kuleli behlalele ethembeni lokuthi uzofakwa amasondo.

Amalungu e-NEC afuna ukuthi lo mhlangano uphinde uqinisekise ukuthi uMengameli omusha wenhlangano uCyril Ramaphosa nguye ozongena ezicathulweni zikaZuma njengomengameli wezwe.

I-ANC ibize umhlangano ophuthumayo we-NEC kulandela izingxoxo ebeziqhubeka phakathi kukaZuma noRamaphosa.

Umhlangano oyisipesheli okwakumele ubanjwe ngoLwesithathu olwedlule wahlehliswa nguRamaphosa kulandela umhlangano aba nawo noZuma ngoLwesibili.

OLUNYE UDABA: Kubukeka sizothathwa namhlanje isinqumo ngoMengameli Zuma

Amalungu e-NEC funa lesi sigungu esiphezulu okuyiso esithatha izinqumo, sinikeze ikhokhasi yePhalamende igunya lokweseka ukuthi uZuma aketulwe ngevoti ePhalamende uma enqaba ukwehla emandleni.

"Kunezinhlelo ezimbili: kusasa [ngoMsombuluko] kuzoqhubeka izinhlelo ze-NEC. Ngemuva kwalolu hlelo kulindeleke ukuthi kube sekuhlukene inhloko nesixhanti - sizomketula," kusho ilungu le-NEC likhuluma neNews24.

"Kepha-ke abantu bavumelekile ukwenqaba uma bekhishwa esikhundleni, yingakho sidinga ukuthi kube nohlelo lwasePhalamende.

"Konke kuzofinyelela emphelandaba kusasa ngoba uma enqaba ukwesula, kuzophoqeleka ukuthi sithathe umgudu wasePhalamende."

Udaba oluphelele lapha.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-23°C Morning clouds. Mild. Pta: 21-28°C Showers early. Partly sunny. Warm.
Jhb: 19-26°C Scattered showers. Partly sunny. Warm. Bloem: 18-30°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C a mixture of sun and clouds. Mild. PE: 18-24°C Rain early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...