Kuyakhalwa ngendlela iMiWay elusingathe ngayo olweSilo

2018-02-13 11:02

Johannesburg - I-Information Regulator of South Africa ithi ikhathazekile ngenkampani yomshwalense iMiWay ngendlela esebenzise ngayo imininingwane yeSilo samaBandla iNkosi uGoodwill Zwelithini.

IMiWay isobishini ngemuva kokuba omunye wabasebenzi bayo, uSithembiso Sithole, egagule uNgangezwe lakhe ngegama ngesikhathi ezama ukumdayisela umshwalense ocingweni.

OLUNYE UDABA:Sivulelwe icala iSilo samaBandla - Umbiko

Lokhu kuvele ngesikhathi kuputshuka inkulumo eqoshiwe ebiphakathi kwalesi sebenzi neMbube.

AbaseNdlunkulu kaZulu basabise ngokuthathela le nkampani izinyathelo, yize isixolisile ngesenzo sayo.

ISilo siveze ukuthi kasiyithandanga neze indlela iMiWay eyenze ngayo izinto njengoba le nombolo ibilokhu iphikelela iyishayela ucingo imphazamisa emhlanganweni abenawo noMengameli Jacob Zuma ngesonto eledlule.

Le ngxoxo isisabalale izwe lonke.

 - Twitter:

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...