Kuxwayiswa umphakathi ngamabhubesi eqe esiqiwini

2017-05-09 11:00

Cape Town – Kweqe amabhubesi amahlanu eKruger National Park kanti kumanje ayazicanasela endaweni yaseMpumalanga, ngokusho kwamaphoyisa esifundazweni.

Amabhubesi eqe esiqiwini ngoMsombuluko ekuseni kanti abonakale ngaphansi kwebhulohwe ku-N4 endaweni yaseMananga eduzane nomngcele waseSwazini.

OLUNYE UDABA: Kushone ababili imoto encane ingena iloli ngemuva

Amaphoyisa aseMpumalanga athi onogada basesiqiwini bakule ndawo njengamanje, bathungatha amabhubesi eqile.

Amabhubesi kubikwa ukuthi azame ukubamba imfuyo ebidla emadlelweni ngasemgwaqeni omkhulu ngoMsombuluko ebusuku, kubika i-Eyewitness News.

Abashayeli bezimoto kanye nabahamba ngezinyawo bayanxuswa ukuba baqaphele bangami ngakule ndawo okuthiwa kubonakale kuyo la mabhubesi.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 5-18°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-15°C Sunny. Cool. Bloem: -3-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Sunny. Cool. PE: 12-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...