Kuxwayiswa ngamakhaza namuhla eThekwini

2017-10-12 14:10

Durban - UMasipala weTheku ngoLwesine uxwayise izakhamuzi zaseThekwini ngesinye isishingishane kulandela izinsukwana sishiye kumapeketwane kuleli dolobha.

Kushone abantu abangu-11 KwaZulu-Natal kulandela isiphepho sangoLwesibili.

Iziphathimandla zixwayise ngokuthi isibalo sabashonile singase sinyuke njengoba ukuhlengwa kwabantu kuqhubeka namuhla (ngoLwesine).

OLUNYE UDABA:Kushone abathathu kulandela isiphepho nezikhukhula eThekwini

Njengoba izakhamuzi zimatasa ziqoqa imfucuza, abedolobha bathi akukapheli obekumise leli dolobha kabi njengoba kulindeleke enye imvula enamandla namuhla (ngoLwesine) ntambama.

"UMasipala weTheku uthanda ukuxwayisa izakhamuzi ngomsinga obandayo onyonyobela iTheku namuhla (ngomhlaka-12 Okthoba 2017)," kusho umkhandlu esitatimendeni.

Izakhamuzi ziyacelwa ukuba zishayele isikhungu sezinhlekelele ku-031 361 0000 uma zibhekene nenkinga.

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. PE: 12-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...