Kuxwayiswa izakhamuzi zase-KZN ngesimo sezulu esingesihle

2018-01-15 19:38

eThekwini - Izakhamuzi zakwaZulu-Natal zixwayiswa ngesimo sezulu esingesihle kusukela ngoMsombuluko.

Kuthiwa isimo sezulu sizoguqukuguquka kusukela ekushiseni kakhulu, wumoya onamandla nokuyinto engaholela emlilwini wequbula kanye nozimvula ezinamandla.

Ngokubika kwezangoma zezulu, zine izimo ezimbi abaxwayisa ngazo kakhulu izakhamuzi.

- Ukuduma kwezulu okuhambisana nombani ezindaweni ezisentshonalanga nesifundazwe, lapho kubalwa izindawo ezingaphansi kwezifunda zaseMajuba, uThukela naseMgungundlovu.

- Umoya onamandla ogijima ibanga eliphakathi kuka-55km/h no-75km/h‚ ezindaweni eziseningizimu kanye nasenyakatho nesifundazwe kusukela emini nasebusuku.

- Ubungozi bokuqubuka komlilo ezindaweni ezisentshonalanga nesifundazwe 

- Amazinga amakhulu okushisa ngendlela engabekezeleleki ezindaweni ezisenyakatho nempumalanga yesifundazwe.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 15-24°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 14-23°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 15-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-32°C Sunny. Warm. PE: 19-25°C Showers late. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...