Kuxwayiswa izakhamuzi zakuleli ngobugebengu emathuneni

2017-02-08 16:00

Johannesburg - Kuxwayiswa izakhamuzi zakuleli ngokuba ziqaphele uma ziya emathuneni ziyovakashela amathuna ezihlobo zazo. Futhi njengoba kuza iphasika miningi imindeni ezoya emathuneni iyokwenza usiko lwayo, kulezo zikhathi kulula ukuhlaselwa yizigebengu.

Kamuva, bangu-8 abantu ababanjwe inkunzi emathuneni ase-Odi eMabopane, ePitoli, kanti amaphoyisa endawo acele ukuba izakhamuzi ziqaphele.

EMabopane, izisulu zagqekezelwa izimoto zathathelwa impahla yazo okubalwa izikhwama, amaselula zaphinde zebelwa namathayi ezimoto.

OLUNYE UDABA: Ungaphandle ngebheyili owabanjwa ezitika ngocansi nesitshudeni emathuneni

Izigebengu ziyakwazi ukubaleka ngoba ziyanyamalala zingene ehlathini eliseduzane.

UJenny Moodley, okhulumela iJohannesburg City Parks, uthe kuyakhathaza ukuthi izigebengu zihlasela abantu emathuneni ngoba yilapho iningi labantu lisuke libuthaka khona.

UVishnu Naidoo, okhulumela amaphoyisa uthe, izakhamuzi zakuleli kufanele ziqaphele uma zisemathuneni noma zihamba ngasemathuneni.

"Sicela abantu baqikelele kulezi zindawo futhi bazibike izigameko emaphoyiseni ukuze ezokwazi ukuqapha," ephetha.

 - Drum

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...