Kuxwayiswa amalungu ezitokfela ngobugebengu obudlangile

2017-12-06 16:00

Tzaneen - Amaphoyisa aseLimpopo ngoLwesithathu axwayise amalungu ezitokfela ngokuba asebenzise ubuchwepheshe uma esehlukaniselana imali, esikhundleni sokunikana esandleni.

Amaphoyisa athi lokhu kuzogwema ukugetshengwa kwabantu okubukeka kudlangile eTzaneen.

Lesi sexwayiso siza ngemuva kokuboshwa kowesilisa, 26, eMakweng kulandela isigameko sokuphanga ehlomile eMaake, ngaphandle kwaseTzaneen, lapho kwebiwe khona imali yestokfela.

"La basolwa babe sebebonakala edolobheni eTzaneen. Amaphoyisa azamile ukubamisa kepha bayishaya yazula imoto, ase eyabajaha akwazi ukubopha umsolwa oyedwa ePaledi Mall," kusho uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA: Amaphoyisa akhiphe isexwayiso kwabadlala izitokfela

UNgoepe uqhube ngokuthi kube sekutholakala isibhamu esisodwa esingekho emthethweni ngesikhathi kuboshwa umsolwa.

"Umsolwa usaphenywa ukuze kutholakale ukuthi azikho yini ezinye izigameko zobugebengu abandakanyeka kuzo," esho.

Uqhube ngokuthi umsolwa uzovela enkantolo kungekudala.

UNgoepe uphinde wazwakalisa ukuthi owesifazane, 54, waseBolobedu uphucwe imali yestokfela efika nje kwakhe ekade ephuma ebhange ngomhlaka-30 Novemba.

Omunye umuntu wesifazane, 42, naye uphucwe imali yestokfeka eGoudplas, eModjadjiskloof, ngesikhathi engenelwa yizigebengu zeba imali nezingubo zikaKhisimusi zezingane.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...