Kuxwayiswa abazali ngezikole zokusoka ezingekho emthethweni

2017-12-13 11:01

Cape Town - UMnyango weziNdaba zeNdabuko e-Eastern Cape usunxuse abazali ukuba baqiniseke ukuthi izingane zabo ziya ezikoleni zokusoka ezisemthethweni.

Kusukela kuqale isizini yokusoka sekushone abafana abangu-6 esifundazweni ngenxa yokulahlekelwa ngamanzi emzimbeni.

Omunye wabafana uzibulele.

OLUNYE UDABA:'Kuyihlazo ukukhuluma kwabesifazane ngokusoka'

Abanye abafana abangu-7 bangeniswe esibhedlela.

Owomnyango uMamkeli Ngam uthe: "Sicela bonke abazali, abaholi bomphakthi kanjalo nezinhlangano ezisemphakathini ukuba zisebenzisane zizibambele ngezandla lolu siko lokusoka. Kufanele niluqaphe niqiniseke ukuthi akuhukumezeki muntu endaweni ukuze kuzosebenzeka kahle."

 - EWN

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-27°C Morning clouds. Mild. PE: 23-28°C Decreasing cloudiness. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...