Kuxwayiswa abashayeli 'ngezikhukhula' emigwaqeni yaseGauteng

2017-03-03 18:00

Johannesburg - Amaphoyisa kaMasipala waseGoli anxusa abashayeli ukuba bashayele ngokucophelela emgwaqeni njengoba kulindelekele izimvula ezinkulu ezingase zidale izikhukhula.

Okhulumela amaphoyisa uWayne Minnaar uthe abashayeli kufanele bayigweme imigwaqo enezikhukhula.

"Ayikho imigwaqo evaliwe okwamanje ngenxa yezikhukhula kodwa abashayeli bayakhunjuzwa ukuthi baqaphele uma beshayela emigwaqeni engase ibenezikhukhula.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Zishiye kukhalwa izikhukhula ezinamandla eGauteng

"Eminye imigwaqo okumele abantu baqaphele kuyo kubalwa efana noGolloolys, uMofolo eSoweto, uKlipspruit Valley Road noWitkoppen Road."

Khonamanjalo, abeSouth African Weather Service bathe kulindekele ukuba line usuku lonke lwangoMgqibelo eGauteng.

Isangoma sezulu uMbavhi Maliage uthe impelasonto yonke izulu lingase lisimame.

"NgeSonto, silindele amathuba emvula angu-30% osukwini."

"Kodwa njengamanje silindele amathuba emvula angu-30% kuphela. Ngakho imvula enkulu ilindeleke ngoMgqibelo."

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter                 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...