Kuxoshwe amaphoyisa angu-12 asebenzela emingceleni eMkhanyakude ngawenkohlakalo

2017-11-13 16:00

EThekwini - IBamba likaKhomishana wamaPhoyisa kwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa wamukele isinqumo sokuxoshwa kwamaphoyisa angu-12 alahlwe amacala enkohlakalo.

La maphoyisa abesebenza emingceleni eKosi Bay naseGolela Border aboshwe kulo nyaka ngemuva kophenyo lwangaphakathi emaphoyiseni.

ULanga uncome umphakathi ongaphansi kwesifunda saseMkhanyakude ngokuveza izikhalazo zawo ngenkohlakalo yala maphoyisa.

Lokhu kwenzeka ngesikhathi uMengameli wezwe uJacob Zuma ayevakashele kule ndawo walalela izikhalazo zomphakathi ngokwenzeka emngceleni.

OLUNYE UDABA:UMaimane ukhala ngokuthi awaveli amanani ezipho ezitholwa uMengameli - Umbiko

UMengameli wavakashela esiteshini samaphoyisa eManguzi kanye nasemngceleni iKosi Bay lapho kwayalelwa khona abaphathi ukuba baphenye ngokwanda kwemibiko yenkohlakalo kule ndawo kanye nasemingceleni.

Uphenyo lube yimpumelelo njengoba inkohlakalo yamaphoyisa asemingceleni ivele yahlala obala lapho kutholakale khona inqwaba yezimoto ezebiwe ebezeqiswa kule mingcele.

La maphoyisa abanjwa abekwa amacala enkohlakalo emsebenzini kanye nokwephula umthetho.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...