Kuvele okushaqisayo enkantolo 'kwelowagwaza' ingane amanxeba angu-19

2017-04-05 14:02

Johannebsurg - INkantolo yeMantshi yaseRandburg ngoLwesithathu ilalele ukuthi owesifazane owagwaza indodakazi yakhe angayizali eneminyaka engu-6 ubudala amanxeba angu-19, waqhubeka nokuyigwaza phambi kwamaphoyisa nakuba eseqhumise isibhamu emoyeni.

Lo wesifazane oneminyaka engu-25 ubudala waseDiepsloot elingeke lidalulwe igama lakhe ngenxa yokuvikela ingane, ubhekene necala lokuzama ukubulala nokucekela phansi impahla.

UMbuso uyasiphikisa isicelo sebheyili.

OLUNYE UDABA:Uzogwetshwa maduze owagwaza ingane yakhe yashona

Umseshi, uSergeant Abraham Thipe, uthe lo wesifazane owaboshelwa endaweni yesigameko wagwaza ingane phambi kwamaphoyisa nabanye ofakazi.

"Umsolwa waqhubeka nokugwaza ingane yize amaphoyisa esemncenga ukuba ayeke. Amaphoyisa aphoqeleka ukuba aphihlize iwindi ukuze akwazi ukusindisa ingane."

Lo wesifazane, kokunye akushilo encwadini efungelwe efundwe enkantolo, ukuthi ngeke alibalekele icala njengoba engumama futhi engumfundi.

Isicelo sebheyili siyaqhubeka.

 - SowetanLive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kudutshulwe kwabulawa iphoyisa eSoweto

Emizuzwini eyi-47 edlule
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 13-28°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-25°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-25°C a few showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...